Ukuhlolwa ngeqiniso kwentando yeningi kuyindlela iPhalamende elingakuqinisekisa ngayo ukuthi uhulumeni uhlala eziphendulela kubantu. Lokhu kwenziwa ngokuqapha zikhathi zonke (ukuze kulandelelwe) izinhlelo zikahulumeni. IPhalamende kanye namaKomidi alo banamandla okubiza noma yimuphi umuntu okanye isikhungo ukuba siveze ubufakazi kumbe sikhiphe imibhalo ethile, futhi sibike kubona.
UMthethosisekelo uveza ukuthi iPhalamende linamandla okuhambela wonke amalungu ombuso, kubandakanya nalawa asemazingeni kahulumeni wezifundazwe kanye nowasekhaya.
Ukuhambela kukahulumeni imiphakathi kungumsebenzi owanikezwa iPhalamende nguMthethosisekelo ukuba liqaphe futhi lilandelele uhulumeni.
Ngokugada izinhlelo zikahulumeni, iPhalamende liyakwazi ukuqinisekisa ukuthi ukulethwa kwezidingo kubantu kuyenzeka, ukuze zonke izakhamizi zizokwazi ukuphila impilo engcono nesezingeni elifanele.
IPhalamende liqapha uhulumeni ngenxa yezizathu ezilandelayo: . Ukubona kanye nokuvimbela ubudedengu ukuvimbela ukuziphatha ngendlela engekho emthethweni nengahambisani noMthethosisekelo ngasohlangothini lukahulumeni ukuvikela amalungelo kanye nenkululeko yezakhamizi ukwenza uhulumeni ukuba aphendule ngokuthi izimali zabakhokhi bentela zisetshenziswa kanjani ukwenza imisebenzi kahulumeni ibe sobala ngokuthe xaxa kanye nokukhulisa ithemba lomphakathi kuhulumeni.
IPhalamende lineziNdlu ezimbili, oku: . iNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke (eyaziwa ngokuthi i-NA), kanye . noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP).
INdlu ngayinye inendima ekhethekile yokuqapha okumele iyidlale.
UMthethosisekelo uveza ukuthi iNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke iqokelwa ukumela abantu kanye nokuqinisekisa uhulumeni ophethwe ngabantu ngaphansi koMthethosisekelo. Yenza lokhu ngoku: . qinisekisa ukuthi wonke amalungu ombuso angabaphathi ezingeni likahulumeni kazwelonke ayakwazi ukuphendula ngokuphatha kwawo, kanye . nokuqapha ukusebenza kukahulumeni kazwelonke, kanye nokuqaliswa kokusebenza kwemithetho ephasiswe yiPhalamende.
uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke umele izifundazwe ukuqinisekisa ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyanakekelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke.. Indima ye-NCOP ukuqapha ukusebenza kukahulumeni esigabeni sezwe lonke sohulumeni bezifundazwe kanye nabasemakhaya.
I-NCOP ingadinga ilungu leKhabhinethi, isikhulu sikahulumeni kazwelonke noma uNgqongqoshe woMnyango kahulumeni wesifundazwe ukuba ahambele umhlangano woMkhandlu noma ikomidi.
AmaKomidi ePhalamende asungulwa njengamathuluzi eziNdlu zombili ngokoMthethosisekelo ukuze kube yiwona aqapha futhi aphinde alandelele uhulumeni.
Lama Komidi "ayizinjini ezinamandla" zePhalamende zokuqapha uhulumeni kanye nokwenza umsebenzi wePhalamende wokushaya imithetho.
AmaKomidi acubungulisisa imithetho, aqaphe uhlelo lokusebenza kukahulumeni, bese exoxisana nomphakathi.
Ingxenye ebaluleke kunazo zonke zomsebenzi wokuhambela kukahulumeni emiphakathini ukucutshungulwa kwemibiko yonyaka wonke yezinhlaka zoMbuso ngamakomidi, kanye nemibiko kaMcwaningimabhuku- Jikelele.
Ngokuya nokwenhloso yokuqapha ukusebenza kukahulumeni, iKomidi kuphakathi kokuthi lizocela umbiko omfushane kwilungu loMbuso noma lizolivakashela leyo ndawo ukuze lizitholele amaqiniso.
UNgqongqoshe Wezezimali umemezela izinhlelo zesabiwomali zonyaka olandelayo wezimali, kanjalo namavoti esabiwomali soMnyango ngamunye.
Emva kokwethula kwamavoti esabiwomali, iKomidi ngalinye liba nokulalelwa koMnyango kahulumeni oqondene nalapho lisuke lisebenzisa khona ukuhambela kukahulumeni imiphakathi ngoba kusuke kumenywe amalungu omphakathi.
Lokhu kusebenza njengokubhekisisa ukuthi ngabe uMnyango uyigcinile yini imisebenzi yawo yangonyaka owedlule, nanokuthi ngabe uyisebenzise ngendlela efanele yini imali yabakhokhi bentela.
Ukufaka imibuzo kuhulumeni kungenye yezindlela iPhalamende elibamba ngayo uhulumeni ukuba aphendule.
Imibuzo ezophendulwa ngomlomo noma ngokubhalwe phansi ingaphonswa kuMongameli, iPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe ngezindaba okuyizona ababhekene nazo.
Isikhathi semibuzo sinikeza amaLungu ePhalamende ithuba lokubuza amalungu kaHulumeni ngezindaba zokulethwa kwezidingo kubantu, ngokumela amaqembu abo ezombusazwe noma abantu ababavotelile.
Ngokusebenzisa lolu hlelo, amaLungu ePhalamende angenza izitatimende eNdlini, nganoma yiluphi udaba.
Ngokunikeza Isaziso sesiPhakamiso ilungu lanoma yiliphi iqembu lezombusazwe lingaletha izindaba noma izinkinga ukuba kuzokwenziwa ngazo izinkulumo-mpikiswano ePhalamende, ngalokho ayasiza ukufezekisa imisebenzi yabo yokuhambela imiphakathi njengohulumeni.
Izinkulumo-mpikiswano zokuhlala kwePhalamende zingenye indlela yokuletha ulwazi olubalulekile ngaphambi kukahulumeni ukuze alubhekisise mayelana nezinhlelo ezithile zikahulumeni noma imithetho edingekayo ukuze kuthuthukisa ukulethwa kwezidingo kubantu.
Umsebenzi weziko labalandeli unikeza amaLungu ePhalamende ithuba eliyingqayizivele lokuba abambe ukuhambela imiphakathi emele uhulumeni ngawodwana.
Umsebenzi weziko labalandeli uhlinzeka ngendlela esondelene kakhulu yokuxoxisana phakathi kwamaLungu ePhalamende kanye nomphakathi.
Amalungu anomsebenzi wokwazisa iPhalamende nganoma yiziphi izinkinga azihlonzile ngesikhathi sezingxoxo zokuhambela umphakathi.
Ukwenza isethulo eKomidini lePhalamende ngenye indlela yokwenza izwi lakho lizwakale ePhalamende.
Ngokwenza isethulo, unethuba lokuba nefuzela kumbono wamaLungu eKomidi adingida isiqephu esithile somthethosihlongozo ngaphambi kokuba ube wumthetho wangempela.
Wonke umuntu oyisakhamuzi salapha eNingizimu Afrika unelungelo lokukhalazela iPhalamende, njengoba kuhlinzekiwe kuMthethosisekelo.
Noma yimuphi umuntu, iqembu labantu noma inhlangano bangakhalazela iPhalamende.
Incwadi yohlu lwezikhalo iyisicelo esihleliwe esiya kwiziphathimandla ukuba zenze okuthile. Ingathatha isimo sokuba yimpoqo, isicelo sosizo, noma ukwethula kabusha kwezikhalazo.


Isimo somnotho emhlabeni jikelele sisesimweni esibucayi kakhulu kunaseminyakeni edlule. Inhlangano yabasebenzi yomhlaba (International Labour Organisation), ichaza ukuthi bangama18 milione abangase balahlekelwe imisebenzi yabo kulo ongaphezulu. Lesisimo singahle sishube ngokweqile uma kungasekudlondlobale ukonakala kwezomnotho. Akukho nelilodwa ilizwe elisindile kulomnyama. Onke amazwe nalawo athuthukile nje ngeUnited States, iBritain kanye neFrance awathembisi neze uma kubhekwa ezomnotho. Kodwa isimo eNingizimu Afrika asisibi kakhulu, futhi kanti sifuna ukusigcina sinjalo. Eqinisweni sifuna ukuthi umnotho wethu uqhubeke nokukhula ukuze siqhubeke ukuphucula izimpilo zabantu baseNingizimu. Kuzofanela ukuthi sisebenzise isikhathi esizayo ukuhlangabezana nezingqinamba esibhekene nazo.
Nje ngasemazweni onke izinga lokuthuthuka komnotho wethu lehlile. Nathi sibhekene nenkinga yokulahlekelwa imisebenzi, kanti abaningi bethu bazohluleka ukukhokhela izindleko zabo. Ukwehla komnotho kuzoholela ekuthini uhulumeni athole imali encane yentela. Nakanjani uhulumeni uzofanela ukuboleka imali ukuhlangabezana nezidingo zawo. Noma kunjalo uhulumeni uzoqhubeka ukufaka isizumbhulu semali ukusiza labo abahluphekile, kanti futhi uzogcizelela izinto ezidala imisebenzi. Ngaphezulu kwezigidigidi ezingu780 zamarandi zizochithwa ekwakheni izingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo. Kuzokwakhiwa iziteshi zokuphehla ugesi, imigwaqo kanye noojantshi besitimela. Uhulumeni uzophinda aphucule ubuxhakaxhaka bamanzi nezokuthutha indle. Kuzokwakhiwa nezindlu. Uhulumeni uzobambisana nabamabhizinisi kanye nezintlangano zabasebenzi ukuqikelela ukuthi imisebenzi ayilahleki ngokweqile.
Amazwe amaningi awakwazi ukuphumelela ukuhlangabezana nalesisimo njengeNingizimu Afrika. Okusiza ilizwe lethu ukuthi eminyakeni edlule siqinisekise ukuthi imali asiyiphathi budedengu. Lokhu kuyasisiza manje ukuvikela umnotho wethu kanye nalabo abahluphekayo. Kungakho nje sikwazi ukunyusa izindlela zokusiza abantu ngaphandle ngokukhinyabeza umnotho.
Izigidigidi ezingu45 zamarandi zabelwe ukuthuthukisa imfundo, ezempilo kanye nemigwaqo ezifundazweni.
Kongezwe izigidigidi ezingu 5.
Ukubhekana nokuphucula nokwakhiwa kwezingqala-zizinda kwezokuthutha uwonke-wonke, imigwaqo kanye nezesitimela kufakwe izigidigidi zamarandi.
Noma uhulumeni ezozama ngezindlela zonke ukuhlangabezana nezidingo zabemi bakuleli, kuzobanzima. Abasebenzela uhulumeni bafanele bazi ngaso sonke isikhathi ukuthi akufanele basebenzise izimali budedengu ngoba kufanele kuhlomule wonke umuntu ohlala kuleli. Sonke sifanele sibambe iqhaza ekuqikeleleni ukuthi umnotho welizwe lethu ubuyela esimweni esigculisayo.
Uhulumeni uzama ngakho konke ukudala amathuba omsebenzi. Uhlelo lwemisebenzi eyandisiwe lwaqala ngoka2004/05. Eminyakeni emihlanu yokuqala loluhlelo ludale amathuba angu70 000 omsebenzi. Kwandiswe inani la basebenzi kwizingqala-zizinda zikahulumeni. Le misebenzi noma ibinge yesikhashana inike abantu amathuba okuzuza ubuchwepheshe kanye nemali. Ngoka2009 uhlelo olusha lwemisebenzi enwetshiwe luzoqalwa. Ingaphezulu kwe zigidigidi ezingu 4.1 imali ezotshalwa kuloluhlelo ukudala amanye amathuba emisebenzi.
Uhulumeni uzimisele ukongeza imisebenzi eqikelelwa ku400 000 ngoka2014. Lokhu kuzo kwehlisa izinga lobuphofu nokuntuleka kwemisebenzi.
Uhulumeni unika imali yezenhlalakahle kubantu abevile kwizigidi ezingu13. Loluhlelo lusiza labo abahluphekile ikakhulukazi izingane ezincane, abakhubazekile kanye nalabo abasebekhulile. Uhulumeni uyababhekela nalabo abasand'ukulahlekelwa umsebenzi, aphinde anike abahluphekayo ithuba lokufunda mahala, ukunyangwa lwamahala, ugesi namanzi kokukhokha imali. Labo abacindezeleke ngokweqile bangathola usizo lwesikhashana izinyanga eziyisithupha.
Abantwana abangaphansi kweminyaka engu15 abazali babo bathola imali engaphansi kweR2 300 bangahlomula kwimali yezenhlalakahle yabantwana. Abesilisa abaneminyaka engaphezu kwe63 nabesimame abangaphezu kuka60 bangahlomula kwimpesheni yabadala uma ngabe behola imali engaphansi kwemali ethile. NgoApreli ka2009 iminyaka yokulungela ukuthola impesheni kuzoba ngu61 kanti ngoApreli ka2010 izokwehla ibe ngu60.
